Skip to Main Content

Imojuli Yolwazi Lokukwazi Ukufunda Nokubhala eku-inthanethi: Ithuthoriyali 7: Indlela yokubhala

Translation

ISINYATHELO 1: Indlela yokubhala

Ukukwazi ukusebenzisa imithetho yokubhala kungasiza uNeo abe umbhali ongcono kwezemfundo futhi konke kuyingxenye yokuba nekhono lolwazi lokukwazi ukufunda nokubhala.

 

  • Sebenzisa " " ukucaphuna ngqo, ‘ ’ ekugqamiseni amagama embhalweni.
  • Uma kubalwe usuku, kanje "ngeyamashumi ayisikhombisa" ngokwesibonelo, umuntu angabhala usuku ngezinombolo bese engeza u 's' ngaphandle kwe-apostrofi (1970s).
  • Zonke izinombolo kuya eshumini kufanele zibhalwe ngamagama. Izinombolo kusuka ku-11 kuye phambili zingabhalwa ngendlela yezinombolo.Ungalokothi ufinyeze amagama afana nonjalonjalo (njll.), Ltd. noma ikhulu nyaka lama-20  kodwa wabhale ngamagama APHELELE.
  • Zonke izihloko (zezincwadi, imidwebo yobuciko: izinkondlo, amagama ama-albhamu aqoshiwe, amaphephabhuku, amafilimu njalonjalo) kanye namagama aqhamuka kwezinye izilimi njalonjalo (ngendlela efanayo) kufanele abhalwe ngomalukeke. Isibonelo: U- Romeo noJuliet ka-William Shakespeare bayinhlanganisela yokubhala kwendabuko kanye nokukhululekile.
  • Uma ubhekisa enkathini, igama lesidlaliso lomuntu owaziwayo, isibonelo, “roaring twenties”, ngaso sonke isikhathi sisebenzisa abacaphuni abaphindwe kabili lapho lisetshenziswa okokuqala. Ngemuva kwalokho umuntu angabasusa abacaphuni.