Skip to Main Content

Imojuli Yolwazi Lokukwazi Ukufunda Nokubhala eku-inthanethi: 1 KUNGANI KUNOLWAZI LOKUKWAZI UKUFUNDA NOKUBHALA?

Translation

1. I-ASAYINIMENTI YOKUQALA KANEO

UNeo uthole i-asayinimenti yakhe yokuqala enyuvesi futhi kufanele abhale i-eseyi enamakhasi amahlanu ngesihloko asinikeziwe. UNeo uzobekwa esigabeni esifanele nge-eseyi yakhe. Njengoba lekuyi-asayinimenti yakhe yokuqala, uNeo ufuna ukujabulisa umfundisi wakhe.

UNeo unolwazi oluthile oluyisisekelo ngesihloko sakhe futhi uyazi ukuthi ilayibhrari ingamsiza, kodwa akazi ukuthi aqale kuphi.

Isithombe sinikezwe ngesihle ngu Phillip Martin 

3. KUNGANI ULWAZI LOKUKWAZI UKUFUNDA NOKUBHALA?

Kungani uNeo edinga ulwazi lokukwazi ukufunda nokubhala? Thola izimpendulo kule vidiyo.

Umthombo: Modern Librarian Memoirs

2. NGABE IZOMENZELANI ILAYIBHRARI UNEO?

  • Ilayibhrari iqeqesha uNeo nabanye abafundi ngokubahlomisa ngokusetshenziswa nangokuqondwa kwelayibhrari, bazi ukuthi ulwazi lutholakala ngemikhakha eyehlukene, bakwazi ukuthola ukuthi ulwazi ludingeka nini, bakwazi ukuluthola, bahlole ikhwalithi yalo bese balusebenzisa ngokufanele nangokomthetho.
  • Ilayibhrari inezisebenzi ezifundile ezinezindlela namakhono okusiza uNeo ukuba abe umfundi onolwazi namakhono.
  • Ilayibhrari inawo wonke amacebo okusiza uNeo ohambweni lwakhe lwemfundo.    

Isithombe sinikezwe ngesihle yi ju.se images 

4. KUNGANI UNEO EDINGA AMAKHONO OLWAZI LOKUKWAZI UKUFUNDA NOKUBHALA?

Ngokusebenzisa amakhono olwazi lokukwazi ukufunda nokubhala, uNeo ukwazi:

1. Ukusebenzisa ulwazi ngokomthetho

Isithombe sinikezwe ngesihle yi: publicdomainpictures

Isithombe sinikezwe ngesihle yi: thebluediamondgallery.com

2.Ukusebenzisa ulwazi ngezinhloso ezahlukene.

 
3. Ukuthuthuka abe yisakhamuzi esizinzile.

 

Isithombe sinikezwe ngesihle yi: pixabay.com