Skip to Main Content

Imojuli Yolwazi Lokukwazi Ukufunda Nokubhala eku-inthanethi: 3 UKWAZI NGELAYIBHRARI

Translation

Ngemuva kokubuka leli khasi, kumele usebenze kumathuthoriyali, uqale ngethuthoriyali 1.

ITHATHA ISIKHATHI ESINGAKANANI LE YUNITHI?

Amahora angu-6 (imizuzu engu-360)

WAMUKELEKILE ELAYIBHRARI

UNeo uzobhekana nengqinamba ngesihloko sakhe se-asayinimenti ngaphandle kokuthi azi mgelayibhrari. Lokhu kusho ukuvakashela elayibhrari ukuze afunde konke ngezinsiza zayo, izikhungo, kanye nezinsizakusebenza. Ilayibhrari yindawo eyodwa lapho angaluthola lonke usizo aludingayo ukuze aqedele i-asayinimenti yakhe ngempumelelo.

  • Abafundisi bakaNeo bazomhlinzeka ngohlu lokufunda oluqokiwe nolunconyiwe, azolusebenzisa unyaka wonke. Okuningi kwalokhu okufundwayo kuzotholakala ku-Inthanethi futhi kungatholwa kusuka kumakhompyutha aselayibhrari.
     
  • Ezinye izincwadi azibolekwa. Lezi zincwadi uNeo angazifunda elayibhrari abhale amanothi. UNeo angabuye aboleke izincwadi ngensizakalo yethu yokuboleka ye-Inter-Campus emalayibhrari ethu amahlanu, ngaphandle kwelayibhrari yekhampasi afunda kuyo. Khumbula, uNeo uzochitha isikhathi esiningi efunda izincwadi njengoba eqhubeka neziqu zakhe kanti uzosebenzisa izincwadi ezikhethekile nezisetshenziswa zokucinga. Ngokuba umsebenzisi ophapheme wezincwadi zisuka nje kuzosiza uNeo ukunqoba noma yiliphi ixhala ngezifundo.


Ekupheleni kwale Yunithi, uNeo uzoba nokuqonda okucacile kwemisebenzi ehlukahlukene yelayibhrari nokuthi angayisebenzisa kanjani.