Skip to Main Content

Imojuli Yolwazi Lokukwazi Ukufunda Nokubhala eku-inthanethi: 5 AMASU OKUCWANINGA

Translation

Ngemuva kokubuka leli khasi, kumele wenze amathuthoriyali, uqale ngethuthoriyali 1

ITHATHA ISIKHATHI ESINGAKANANI LE YUNITHI?

Amahora angu-4 (imizuzu engu-240)

Ukulungiselela ucwaningo lwe-asayinimenti yezemfundo

  • Ukuzuza impumelelo kwezemfundo uNeo udinga ukwazi ukucabanga ngokuhlolisisayo nokuxazulula izinkinga. Ngamanye amazwi, udinga ukwazi ukuhlaziya nokuhlola izihloko ngokuzimela athathe izinqumo eziphusile phezu kokuhlaziya nokuhlola kwakhe.
  • Manje, lokhu kungaba nzima uma engakwazi ukusebenzisa amakhono olwazi lokukwazi ukufunda nokubhala.
  • Njengomuntu onekhono olwazini lokufunda, uNeo uzokwazi ukubhekana nanoma yisiphi isifundo noma isihloko.
  • Le yunithi ifundisa uNeo ukuthi angawuhlola aphinde awuhlaziye kanjani umsebenzi we-asayinimenti, ukuhlola nokuhlaziya ulwazi oludingekayo ukuqedela umsebenzi onikeziwe ngempumelelo, ukuchaza inkinga nokuthi angasebenzisa maphi amakhono olwazi lokukwazi ukufunda nokubhala ukuxazulula le nkinga.