Skip to Main Content

Imojuli Yolwazi Lokukwazi Ukufunda Nokubhala eku-inthanethi: 6 AMASU OKUCINGA

Translation

Imiyalelo

Ngemuva kokubuka leli khasi, kumele usebenze kumathuthoriyali, uqale ngethuthoriyali 1.

ITHATHA ISIKHATHI ESINGANANI LE YUNITHI?

Amahora angu-6 (imizuzu engu-360)

ISINYATHELO 1: Ukucinga ulwazi

Isithombe sinikezwe ngesihle yi Google User

UNeo uhlushwa ulwazi olweqile. Ucinge ulwazi ku-Inthanethi ngesihloko esithize kodwa ngemuva kwesikhathi eside ecinga engalutholi ulwazi olufanele isihloko se-asayinimenti yakhe, wadangala. Ngesikhathi solwazi olweqile nokuthuthuka kwezochwepheshe, ukufunda ukucinga okufanele nokwazi ukuthi kufanele wenzeni ngolwazi yikhono elibalulekile okufanele ube nalo. Ukusebenzisa amasu afanele okucinga angeke kumsize kuphela uNeo ukuthola ulwazi oluseqophelweni kepha kuzomongela nesikhathi.  

Ekupheleni kwale yunithi, uNeo kufanele akwazi:

  • ukusebenzisa amasu alula okucinga
  • ukusebenzisa amasu okucinga ku-Inthanethi
  • ukusebenzisa imikhuba emihle lapho esebenzisa amajenali e-elekthronikhi emibhalo egcwele
  • ukucinga kudathabheyisi

ISINYATHELO 2: Amasu okucinga

Amasu okucinga yizindlela zokusebenzisa amagama okucinga ukuthola ulwazi oludingekayo emathuluzini okucinga, njengezinjini zokucinga (u-Google), ikhathalogi yaseLayibhrari namadathabheyisi aku-Inthanethi.


Ukuzuza imiphumela emihle yokucinga, kubalulekile ukusebenzisa amasu okucinga.

Okulandelayo amanye amasu avamile okucinga aqondene namathuluzi ahlukene okucinga:
• I-Boolean Logic
• Ama-Parenthesis
• I-Phrase searching
• I-Truncation
• Ama-Wildcards
• I-Field searching