Le vidiyo ichaza ukuthi atholakala kanjani futhi asetshenziswa kanjani amagama asemqoka uma ucinga ulwazi.
Umthombo: Ray W. Howard Library at Shoreline Community College.
Ukwazi amagama okucinga isu lokucinga elisiza uNeo ukulungisa inqubo yokucinga.
Ngaphambi kokuba uNeo aqale ukucinga ulwazi ku-Inthanethi noma kudathabheyisi, kuhlala kungumbono omuhle ukubona amagama asemqoka kakhulu kwisihloko sikaNeo sokucwaninga. Yilawo magama asichaza kahle isihloko sakhe. Angasebenzisa lawo magama asemqoka noma amagama okucinga ukuqala ukufuna ulwazi.
Uma ewabona lamagama okucinga, uNeo kufanele aqaphelisise izimpawu ezilandelayo ukuqinisekisa ukuthi wonke amagama okungenzeka afanelane, afakiwe kumasu okucinga: