Skip to Main Content

Imojuli Yolwazi Lokukwazi Ukufunda Nokubhala eku-inthanethi: Ithuthoriyali 4: Ukucaphuna

Translation

ISINYATHELO 1: Ukucaphuna

Ukucaphuna okuqondile kukhombisa imicabango esuka komunye umuntu, amagama, imibono, izithombe njll, isetshenziswe njengoba injalo emsebenzini womunye umuntu.

  • Kungabaluleka ukuthi ucaphune ngqo kumbhalo uma uNeo engeke akwazi ukuveza ulwazi ngendlela efanele noma ngayiphi enye indlela.
  • Kufanele wethule ingxenye ethize mayelana nombhalo wombhali emsebenzini wakho ukuwuhlaziya.

Qaphela: Okucashuniwe kungasetshenziswa ngokulingene njengoba ukucaphuna ngokwedlulele kungakhombisa ukungaqondisiswa kombhalo obhekise kuwona. Ukucaphuna okwamukelekile kulinganiselwa kumaphesenti ayi-10.

UNeo kufanele ahumushe ulwazi ukunikeza ulwazi ngamagama akhe kunokuthi acaphune kakhulu umbhalo unjengoba unjalo. Lokhu kusiza ekuthi akwazi ukukhombisa abafundayo ukuqonda kwakhe ulwazi.

Khumbula: Uma uNeo ebhala ngamagama akhe kumele aveze imthombo!

Uma ecaphuna ingxenye yombhalo oshicilelwe, uNeo kufanele asebenzise uphawu lokucaphuna ukwehlukanisa amazwi acashuniwe kulawa abhalwe nguye. Ngokwesibonelo, uma uNeo ebandakanya isitatimende esisuselwe embhalweni oshicilelwe endabeni yakhe kufanele imisho ifakwe kubacaphuni futhi ingeniswe kusetshenziswa ibinzana kanje:  "Language is subject to change and is not caused by unnecessary sloppiness, laziness or ignorance" (Aitchison, 1981:67).

Qaphela: Lena indlela yokucaphuna imigqa engaphansi kwemithathu.

Uma ucaphuna imigqa engaphezulu kwengu-3 (11 pt) indlela elandelayo (block quote format) kufanele isetshenziswe:

Pieterse’s (1992:31) quote on the nature of the stereotype sheds some light on stereotypes:

Stereotypes are based on simplification and generalisation, or the denial of individuality; they can be either
negative or positive. Though they may have no basis in reality, stereotypes are real in their social
consequences, notably with regard to the allocation of roles.