Skip to Main Content

Imojuli Yolwazi Lokukwazi Ukufunda Nokubhala eku-inthanethi: Ithuthoriyali 1: Ukwazi isidingo solwazi

Translation

ISINYATHELO 3: Incazelo yolwazi lokukwazi ukufunda nokubhala

Umthombo: Modern Libraries

ISINYATHELO 1: Ukwazi isidingo sokuthola ulwazi

UNeo wazi kancane kakhulu ngesihloko se-asayinimenti yakhe. Uyabona ukuthi kudingeka ukuba azi kabanzana kunalokhu akwaziyo ngesihloko sakhe ukuze amukise iphepha eligculisayo. Lokhu kuphuma phakathi kwalokhu uNeo akwaziyo ngesihloko sakhe nalokho adinga ukukwazi ngesihloko sakhe, kubizwa isidingo solwazi. Ngamanye amazwi, uNeo kufanele avale leligebe olusolwazini lwakhe ngesihloko se-asayinimenti yakhe.

Isithombe sinikezwe ngesihle yi: mind the gap

ISINYATHELO 2: Ukubuza imibuzo

UNeo angabuza imibuzo elandelayo ukumsiza ukuthola ulwazi aludingayo.

 

Image result for asking questions

Isithombe sinikezwe ngesihle yi: bagg.com

  • Kungani kudingeka ulwazi? Ludingelwa iphepha lokucwaninga, isethulo, inkulumo, umbiko?
  • Obani izethameli ezihlosiwe? Umfundisi, abafundi afunda nabo?
  • Hlobo luni lolwazi oluzophendula umbuzo? Okuyiqiniso, okuhlaziyayo, inhloso, okwenziwe ngokulandelana, okwamanje, okungokomlando?
  • Hlobo luni lomthombo wolwazi? I-encyclopaedia? Incwadi? I-athikili yejenali?
  • Udinga ulwazi olungakanani uNeo? Yinde kangakanani i-asayinimenti yakhe? Ngabe udinga ukubuyela emuva kangakanani ukwenza ucwaningo?
  • Ngabe udinga ulwazi lwamanje kuphela?
  • Yini uNeo asevele ayazi ngesihloko?
  • Kudingeka ukuthi uNeo alubheke kuphi ulwazi aludingayo? Elayibhrari? kukhathalogi eku-Inthanethi etholwa umphakathi (OPAC), idathabheyisi ye-Elekthronikhi?