Skip to Main Content

Imojuli Yolwazi Lokukwazi Ukufunda Nokubhala eku-inthanethi: Ithuthoriyali 10: Imithombo ye-Inthanethi

Translation

ISINYATHELO 1: Imithombo ye-Inthanethi

Izinjini zokucinga eziyisisekelo (Google, Yahoo, Bling) ziwusizo lapho uNeo edinga imininingwane yasemuva noma indawo yokuqala yokucinga, kodwa uNeo kufanele aqaphele njengoba imininingwane engenamkhawulo iholela ekudidekeni futhi umuntu akahlali azi ukuthi ulwazi luvelaphi.

Qaphele: u-Google uyinjini yokucinga akuwona umthombo wolwazi

Google  

Google Scholar: I-Google Scholar iyinjini yokucinga ekhethekile ekhawulelwe emithonjeni yezifundo kuphela, isusa izizinda zabalandeli nemithombo evame ukungathembeki.
Izincwadi ze-Google: Izincwadi ze-Google ziyinkomba egcwele yezincwadi. uNeo angabhekabheka noma afunde ingxenye ethile yencwadi ngaphambi kokuyiboleka noma ukuyithenga. Izincwadi eziningi zingafundwa ngokuphelele ngezincwadi ze-Google.

Okunye ngaphandle kwe-Google

Iwebhusayithi ejulile yenziwa ngamadathabheyisi yokuqukethwe efakwa kuwebhu ngabenzeli abafuna ukuthi ucinge ekhasini labo lasekhaya, hhayi ezinjinini zokucinga, ngezizathu ezahlukahlukene. Khumbula ukuthi u-Google ucinga kuphela i-101 KB kwiwebhusayithi.  Amawebhusayithi amaningi amahle adinga ukubhaliswa, mahhala noma ngenkokhelo, lokhu kungecingwe ngezinjini zokucinga. Izizinda ezichaza ukuthi “akukho nkomba” kuziphakamiso zabo kuvikela nezinjini zokucinga ukuthola lokho okungaba imininingwane yekhwalithi.

Manje uNeo kufanele acinge kanjani kwiwebhusayithi ejulile? Kufanele azi ukuthi aye kuphi. Ukuqala okuhle kungaba ukuzama ukwazi izinhlobo zolwazi angazithola ezizindeni ezilandelayo. Khumbula ukuthi lolu hlu alukapheleli kusaqalwa nje.

Izindaba: Izindaba nezehlakalo zamazwe ngamazwe: CNN, BBC World 

Izichazamazwi eziku-Inthanethi:

Merriam-Webster online dictionaries and thesaurus: Umthombo othembeke kakhulu
Cambridge free English online dictionaries: Isichazamazwi esidumile esitholakala ku-Inthanethi kanye nethesorasi yabafundi besiNgisi
MacMillan online dictionary: Isichazamazwi samahhala esivela kubashicileli bakwa-MacMillan
Oxford dictionaries and thesaurus: Isichazamazwi samahhala esisuka kuzichazamazwi zakwa-Oxford
Collins English dictionary: Isichazamazwi esiphelele esinegunya kunazo zonke

Ukubhala kwezemfundo

• Ilebhu yokubhala e-Purdue [http://owl.english.purdue.edu/] inezinsiza zokubhala ezingu-200 kanye nezinto zokufundisa zabafundi, zothisha nezabaqeqeshi. Kuhlanganiswe iziqondiso zefomethi nezitayela, ulimi kanye nezindlela zokukwazi ukufunda nokubhala ku-Inthanethi, i-ESL, ukucingwa kwemisebenzi nokubhala kobuchwepheshe, kanye nokucwaninga. Kunezigaba ezilungiselelwe ukubhalela imikhakha ethize (njengokubhalwa kombiko wokuhlolwa kwezengqondo) namafomu (njengokubhala ngezinkondlo). Lesi sizinda sinikezana ngamasu adingekayo ukusungula noma iyiphi iphrojekthi yokubhala.   
• Indawo yokubhala eNyuvesi yase-North Carolina e-Chapel Hill [http://writingcenter.unc.edu/handouts/]

Amajenali

• Directory of Open Access Journals (DOAJ) [http://www.doaj.org/]. Yethulwa ngoMeyi ka-2003, yihhovisi elikhulu lamalayibhrari eNyuvesi i-Lund yase-Sweden evuleleke kuwonkewonke, enikeza mahhala ukufinyelela emibhalweni egcwele yamajenali angu-2,200 ukuya phezulu. Amajenali angaphezu kuka-630 ayacingeka ezingeni lama-athikili (kukhona ama-athikili angaphezu kwezi-98,000) kwezeSayensi neZobuntu/EzeSayensi yezenhlalo, kanti incwadi yayo yenkomba iyakhula. 

• Open Access Journals Search Engine (OAJSE) Amajenali atholakala kalula emhlabeni (ngaphandle kwase-India) [http://www.oajse.com/]. Lapha ungacinga noma yikuphi ukushicilelwa kwejenali etholakala kalula. Uhlu lusuka ku-A kuya ku-Z kanti ifaka noma yimuphi umkhakha wesifundo.