Le vidiyo yehlukanisa phakathi kweqiniso nemibono.
Umthombo: Research Ready
Iqiniso lingabhekwa futhi lisekelwe ngobufakazi. Isibonelo ngonyaka ka-2010 u-Lionel Messi waqanjwa igama elithi umdlalibhola we-Fifa wonyaka. Leli qiniso lingaqinisekiswa ngokuthi kubhekwe amarekhodi e-FIFA.
Umbono ususelwa ezinkolelweni noma kwimibono yomuntu futhi awususelwa ebufakazini obunokuqinisekiswa. Ngokwesibonelo. Yize u-Lionel Messi aqokwa ukuba ngumdlali webhola we-FIFA wonyaka, u-Wayne Rooney bekufanele aqokwe njengomdlali ovelele kunabo bonke ebholeni njengoba esengumdlali ongcono kuno-Lionel Messi.